Genesis 35
1 UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.”
2 UJakobe wathi emndenini wakhe nakubo bonke ayenabo: “Lahlani bonke onkulunkulu bezizwe eninabo, nizihlambulule, bese nigqoka izingubo ezihlanzekileyo.
3 Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”
4 Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu.
5 Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.
6 UJakobe wafinyelela eLuzi, eKhanani, okuyiBhethele, nabo bonke ayehamba nabo.
7 Wakha lapho i-althare, leyo ndawo wayibiza ngokuthi yi-Eli Bhethele, ngokuba kulapho uNkulunkulu azibonakalisa kuye khona mhla ebalekela umnewabo.
8 UDebhora, umzanyana kaRibheka wafa, wangcwatshwa phansi kwesihlahla somu-okhi ezansi neBhethele. Ngakho-ke sabizwa ngokuthi yi-Aloni Bhakhuthi.
9 UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa,
10 wathi: “Igama lakho unguJakobe, kodwa awusezukubizwa ngoJakobe, usuzobizwa ngo-Israyeli.” Ngakho-ke wabizwa ngo-Israyeli.
11 UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.
12 Nezwe engalabela u-Abhrahama no-Isaka nawe ngikwabela lona nezizukulwane zakho.”
13 UNkulunkulu wenyuka, wamshiya uJakobe lapho ayekade ekhulume naye khona.
14 UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo.
15 Wayibiza leyo ndawo uNkulunkulu ayekhulume naye kuyo wathi yiBhethele.
16 Bathutha eBhethele. Kuthe kuselibangana ukuba bafike e-Efratha, uRaheli wabeletha emveni kokuhelelwa kanzima.
17 Kwathi lapho isenzima ngempela imihelo yakhe, umbelethisi wamqinisa idolo, wathi: “Ungesabi, ngokuba uzothola enye indodana.”
18 Eseyalela sekuphuma umphefumulo, wayiqamba igama wathi nguBhenoni, kodwa uyise wathi nguBhenjamini.
19 URaheli wafa, wangcwatshwa ngasendleleni eya e-Efratha, okuyiBhethlehema.
20 UJakobe wamisa insika phezu kwethuna likaRaheli, lelo thuna liselapho kuze kube namuhla.
21 U-Israyeli wathutha lapho, wayogoba amadlangala ngale kombhoshongo e-Ederi.
22 Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
23 Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.
24 Amadodana kaRaheli kwakunguJosefa noBhenjamini.
25 Amadodana kaBhiliha incekukazi kaRaheli kwakunguDani noNafethali.
26 Amadodana kaZilipha incekukazi kaLeya kunguGadi no-Asheri. Yilawo-ke amadodana kaJakobe awazala esePhadani Aramu.
27 UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona.
28 Iminyaka yokuphila ka-Isaka yaba yi-180 isiyonke.
29 U-Isaka wafa, wangcwatshwa noyisemkhulu, esekhulile impela, amadodana akhe o-Esawu noJakobe bamngcwaba.