Genesis 32020

1Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”

2Waphendula owesifazane wathi: “Uthe singazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini,

3kodwa uNkulunkulu wathi: ‘Ningasidli isithelo somuthi omile phakathi nensimu, futhi ningasithinti ngoba niyokufa nokufa.’ ”

4Kepha inyoka yathi kowesifazane: “Ngeke nife neze.

5Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”

6Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.

7Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.

8Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi.

9USimakade uNkulunkulu wammemeza umuntu wathi: “Ukuphi na?”

10Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”

11Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?”

12Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”

13USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?” Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.”

14USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba wenze lokhu, usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo, nezilwane zonke zasendle. Uyohuquzela ngesisu, udle uthuli izinsuku zonke zokuphila kwakho.

15Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”

16Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.”

17Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho.

18Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi, uphile ngokudla okuvela kuwo.

19Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”

20Indoda yamqamba umkayo ngokuthi ngu-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.

21USimakade uNkulunkulu wenzela indoda nomkayo iziphuku, wabembathisa.

22USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.”

23USimakade uNkulunkulu wayesemxosha umuntu ensimini yase-Edeni, wamkhipha ukuba ayolima umhlabathi ayebunjwe ngawo.

24Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Genesis 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.