Genesis 22020

1Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho.

2Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula.

3Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.

4Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza.

5Ngesikhathi uSimakade uNkulunkulu edala umhlaba kwakungakabi bikho zihlahla ezweni, kwakungakamili nazitshalo emhlabathini ngoba wayengakayinisi imvula, futhi kungekho namuntu wokulima umhlabathi.

6Kepha kwakuqubuka amanzi evela phansi komhlaba awuswakamise wonke umhlabathi.

7USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.

8USimakade uNkulunkulu watshala insimu yezithelo e-Edeni ngasempumalanga, wambeka khona umuntu ayembumbile.

9USimakade uNkulunkulu watshala zonke izinhlobo zezihlahla ezibukekayo ukuba zithele izithelo ezinhle ezidliwayo. Phakathi naleyo nsimu kwakumile umuthi wokuphila, nomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.

10E-Edeni kwavela umfula wokunisela insimu, wase wehlukana uba yimifula emine.

11Igama lowokuqala kwakuyiPhishoni. Yiwo ogobhoza uzungeze lonke izwe iHavila, lapho kunegolide khona.

12Igolide lalelo lizwe lihle, kukhona nenhlaka enamakha anuka kamnandi, namatshe ayigugu.

13Igama lomfula wesibili kwakuyiGihoni. Ugobhoza uzungeze lonke iKhushi.

14Umfula wesithathu kwakuyiThayigrisi. Ugobhoza wedlule empumalanga ye-Asiriya. Umfula wesine kwakuyiYufrathe.

15USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde.

16USimakade uNkulunkulu wamyala umuntu wathi: “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini,

17kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”

18USimakade uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi omfaneleyo.”

19USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo.

20Umuntu waziqamba ngamagama zonke izilwane ezifuyiweyo, izinyoni zezulu nezilwane zasendle. Kepha asikho phakathi kwalezo zilwane esatholakala sifanele ukuba ngumsizi wakhe.

21USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo.

22USimakade uNkulunkulu wambumba owesifazane ngobambo ayeluthathe kumuntu, wayesemletha kuye.

23Umuntu wathi: “Manje lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami. Lona uzobizwa ngokuthi ngumfazi ngoba uthathwe endodeni.”

24Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.

25Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Genesis 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.