Ezekiel 3
1 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yidla lokhu okutholayo, wudle lo mqulu, uhambe uyokhuluma nendlu yakwa-Israyeli.”
2 Ngawuvula umlomo wami, wangidlisa lo mqulu.
3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, izibilini zakho uzigcwalise ngalo mqulu engikunika wona.” Ngawudla, waba mnandi njengoju emlonyeni wami.
4 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume amazwi ami kuyo.
5 Ngokuba awuthunywa kubantu abalulimi lwabo lulukhuni, lungaqondakali, kodwa uthunywa endlini yakwa-Israyeli,
6 futhi akuyibo abantu abaningi abakukhuluma kwabo kungezwakali nolimi lwabo lungaqondakali, ongaqondi namazwi abawashoyo. Impela ukuba bengikuthume kubantu abanjalo, bebeyakukulalela.
7 Kepha indlu yakwa-Israyeli ayiyukukulalela futhi ayizimisele ukungilalela nami, ngokuba yonke indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo eqinile.
8 Ngenza ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe lukhuni njengamabunzi abo.
9 Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”
10 Wabuye wathi kimi: “Ndodana yomuntu, wonke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe, afake enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.
11 Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade,’ noma ngabe bayalalela noma abakulaleli.”
12 UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”
13 Ngezwa nomsindo wokuthintana kwamaphiko ezidalwa, nowamasondo ayeseceleni kwazo, umsindo wokuduma okukhulu.
14 Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.
15 Ngafika ngaseTheli Avivi, kubathunjwa ababehlala ngasemfuleni iKhebhari. Ngahlala phakathi kwabo, ngahlala izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.
16 Kwathi ekupheleni kwezinsuku eziyisikhombisa, kwafika kimi izwi likaSimakade, lathi:
17 “Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
18 Uma ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese ungamxwayisi; ungakhulumi umxwayise omubi endleleni yakhe embi, ukuba omubi umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
19 Kepha wena, uma umxwayisile omubi, kodwa akaze abuyeka ububi bakhe nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho.
20 “Lapho olungileyo eguquka ekulungeni kwakhe, enze okubi, bese ngibeka isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga ngenxa yesono sakhe, uyakufa, kuthi izenzo zakhe ezilungileyo azenzile zingabe zisakhunjulwa, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
21 Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuze angoni, bese ngempela angoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile, nawe-ke uyobe uwusindisile umphefumulo wakho.”
22 Isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wayesethi kimi: “Sukuma, hamba uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe lapho.”
23 Ngasukuma, ngahamba ngaya ethafeni; inkazimulo kaSimakade yayimi khona, injengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebhari, ngase ngikhothama, ngathi mbo ngobuso.
24 UMoya wawusungena kimi, wangimisa ngezinyawo. Wakhuluma kimi, wathi: “Hamba uzivalele endlini yakho.
25 Kepha wena ndodana yomuntu, bayakubeka izintambo kuwe, bakubophe ngazo ukuze ungaphumi uhambe phakathi kwabo.
26 Ngiyakwenza ulimi lwakho lunamathele olwangeni lwakho, ube yisimungulu, ukuze ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
27 Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”