Ezekiel 2
1 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ukuze ngikhulume nawe.”
2 Kwathi esakhuluma kimi, kwangena kimi uMoya, wangimisa ngezinyawo, ngamuzwa owayekhuluma kimi.
3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.
4 Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi...’
5 Noma ngabe bayalalela noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umphrofethi phakathi kwabo.
6 Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
7 Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.
8 Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”
9 Ngabona, bheka, naso isandla eselulelwe ngakimi, kuso kunomqulu wencwadi.
10 Wawendlala phambi kwami, wawulotshiwe ngaphandle nangaphakathi. Kuwo kwakubhalwe izililo nokuzila, nokuthi: “Maye!”