Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Exodus 11

:
Zulu - 2020
1 USimakade wathi kuMose: “Ngizoletha enye futhi inhlupheko phezu kukaFaro naphezu kweGibhithe; emveni kwalokho uzonivumela ukuba nihambe lapha. Lapho enivumela uzakunixosha nokunixosha.
2 Ngakho-ke tshela abantu ukuthi yilowo nalowo wesilisa makacele kumakhelwane wakhe, nabesifazane bacele komakhelwane babo izimpahla zesiliva nezegolide.”
3 USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu.
4 UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe.
5 Wonke amazibulo eGibhithe azokufa, kusukela ezibulweni likaFaro ohleli esihlalweni sobukhosi kuya ezibulweni elizalwa ngowesifazane oyisigqila ogwedla isigayo, nawo wonke amazibulo emfuyo.
6 Kuzokuba nesililo esikhulu, esingakaze sibe khona, futhi esingayukuphinde sibe khona kulo lonke iGibhithe.
7 Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’
8 Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.
9 USimakade wathi kuMose: “UFaro ngeke akulalele ukuze izimangaliso zami ziphindaphindwe eGibhithe.”
10 UMose no-Aroni bazenza zonke lezo zimangaliso phambi kukaFaro, kodwa uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba baphume ezweni lakhe.