Exodus 102020

1USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo.

2Lokhu uyoze ukuxoxele indodana yakho nabazukulu bakho ukuthi ngaliphatha ngesihluku esinjani iGibhithe, nokuthi zibonakaliso zini engazenza kulo ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.”

3UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.

4Uma wenqaba ukuvumela abantu bami ukuba bahambe, kusasa ngizothumela isikhonyane ezweni lakho.

5Sizokwemboza izwe kungabi bikho muntu okwazi ukubona umhlabathi. Sizokudla lokho okusale esichothweni, sibhuqe yonke imithi esahlumayo emasimini.

6Sizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zezinceku zakho, nasezindlini zabo bonke abaseGibhithe, into engakaze ibonwe ngokhokho benu, ngisho nokhokho bokhokho benu, kusukela ngosuku abafika ngalo emhlabeni kuze kube yilolu lusuku lwanamuhla.’ ” Wayesephenduka, waphuma phambi kukaFaro.

7Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Kuyoze kube nini lo mfokazi ewugibe kithi na? Bavumele abantu ukuba bahambe, ukuze bayokhonza uSimakade uNkulunkulu wabo; awuboni yini ukuthi iGibhithe liyabhubha na?”

8Base bebuyisa kuFaro oMose no-Aroni, wayesethi kubo: “Hambani niyokhonza uSimakade uNkulunkulu wenu. Ngobani abazohamba na?”

9UMose wathi: “Sizohamba nezinsizwa, abadala, amadodana, amadodakazi ethu, izimvu, izimbuzi, izinkomo, nemihlambi yethu, ngokuba sizogubha umkhosi kaSimakade ngakho konke esinakho.”

10Wayesethi kubo: “USimakade makabe nani-ke, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu: sekuyacaca ukuthi kukhona okubi enikuhlosile.

11Phinde neze! Hambani nina madoda niyokhonza uSimakade, ngokuba yilokho enikucelileyo.” Base bexoshwa phambi kukaFaro.

12USimakade wathi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kweGibhithe, ukuze kuphume isikhonyane phezu kwalo lonke iGibhithe, sidle konke okumilileyo ezweni, konke lokho okusale esichothweni.”

13UMose welula induku yakhe phezu kweGibhithe; uSimakade wayesethumela umoya wasempumalanga ezweni imini nobusuku, ekuseni umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.

14Isikhonyane salihlasela lonke iGibhithe, sagcwala kulo lonke iGibhithe, sasinzima kakhulu. Sasingakaze sibonwe isikhonyane esinjengalesi ngaphambilini, futhi asikho esiyofana naso nasemveni kwalokhu.

15Salemboza lonke iGibhithe kwangabonakala ngisho namhlabathi, kwaba mnyama kulo lonke izwe. Sashaya sabhuqa konke okumilileyo ezweni, nazo zonke izithelo ezazishiywe yisichotho ezihlahleni, kwangasala lutho oluluhlaza ezihlahleni, nakokumilileyo emasimini kulona lonke iGibhithe.

16UFaro waphuthuma wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile kuSimakade uNkulunkulu wenu nakini.

17Ngithetheleleni isono sami ngalesi sikhathi nje esisodwa, ningikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wenu ukuze asuse lokhu kufa phezu kwami.”

18Waphuma phambi kukaFaro, wakhuleka kuSimakade.

19USimakade wayesewuguqula umoya waba ngumoya onamandla wasentshonalanga, waphephula isikhonyane wasithela oLwandle Lomhlanga, kwangasala nayinye intethe eGibhithe.

20Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.

21USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”

22UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe.

23Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona.

24UFaro wabiza uMose, wathi kuye: “Hambani niyokhonza uSimakade, kusale kuphela izimvu, izimbuzi, nezinkomo zenu; hambani ngisho nabantwana benu imbala.”

25UMose wathi: “Uyakusinika yini imihlatshelo neminikelo yokushiswa esiyoyinikela kuSimakade uNkulunkulu wethu na?

26Imfuyo yethu siyakuhamba nayo, akuyukusala ngisho nenselo eyodwa, ngokuba siyakuthatha kuyo ukuze sikhonze ngayo uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi-ke ngeke sazi ukuthi siyomkhonza ngani uSimakade, singakafiki lapho.”

27Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akavumanga ukubadedela ukuba bahambe.

28UFaro wathi kuye: “Suka phambi kwami! Qikelela ukuba ungaphinde ubone ubuso bami, ngokuba ngosuku oyobubona ngalo ubuso bami, uyokufa.”

29UMose wathi: “Njengalokhu ushilo, angiyukuphinde ngibubone ubuso bakho.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Exodus 10.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.