Colossians 42020

1Makhosi, ziphatheni kahle nangokufaneleyo izinceku zenu, nikhumbule ukuthi nani nineNkosi ezulwini.

2Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga.

3Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,

4ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.

5Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.

6Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

7UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami.

8Ngimthumele kini ngenxa yakho lokho ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, futhi agqugquzele izinhliziyo zenu.

9Uhambisana no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongomunye wenu; bazakunazisa konke okwenzeka lapha.

10Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,

11noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi.

12Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.

13Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikheya, nabaseHiyerapholi.

14Uyakhonza kini uLuka, inyanga ethandekayo, noDema.

15Khonzani kubazalwane baseLawodikheya, nakuNimfa, nebandla elihlanganela endlini yakhe.

16Kuyakuthi uma le ncwadi seniyifundelwe, bese niqinisekisa ukuthi iyafundwa nasebandleni laseLawodikheya, nani niyifunde leyo ncwadi evela eLawodikheya.

17Nitshele u-Arkhiphu, nithi: “Qaphela ukuba uwufeze umsebenzi owawemukelayo eNkosini.”

18Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Colossians 4.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.