Colossians 32020

1Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

2nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.

3Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu,

4nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.

5Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe,

6okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli;

7ebeniphila kukho ngesikhathi nisahlezi kulezi zinto.

8Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu.

9Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;

10nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;

11lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.

12Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;

13nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo.

14Phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

15Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; yibani ngababongayo.

16Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

17Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.

18Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.

19Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.

20Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.

21Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, funa badikibale.

22Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu, ngokwemvelo, kungabi ngokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa ngenhliziyo eqotho, nesabe iNkosi.

23Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi nikwenzela iNkosi, hhayi abantu,

24nazi ukuthi niyakwemukeliswa umvuzo oyifa eNkosini. Khonzani iNkosi uKhristu.

25Ngokuba lowo owenza okungalungile, uyakuvuna ukungalungi akwenzileyo, ngokuba akukho ukwenzelela kuyo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Colossians 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.