2 Corinthians 22020

1Kepha nganquma ukuba ngingezi futhi kini ukunidabukisa.

2Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye lowo odabukiswa yimi na?

3Ngilobe lezi zinto, ukuze kuthi uma ngifika, ngingezwiswa ubuhlungu yilabo obekufanele ngithokoze ngabo. Nginesibindi ngani nonke ukuthi ukuthokoza kwami kungokwenu nonke.

4Ngokuba nganilobela ngisezinhlungwini, ngidabukile enhliziyweni, futhi kuphophoza izinyembezi, hhayi ukuba nginizwise ubuhlungu, kodwa ukuba nazi ukuthi nginithanda kakhulu.

5Kepha uma kukhona onizwise ubuhlungu, uzwise mina ubuhlungu, ukuze ngingenzi ihaba, unidabukise nonke.

6Kumfanele onjalo ukuba ajeziswe ngalokho ngabaningi,

7kodwa kunalokho, mthetheleleni, nimduduze, funa owenze lokho ahaqwe wusizi.

8Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba nimkhombise ukuthi niyamthanda.

9Ngokuba ngaloba ngaleso sizathu ukuba nginihlole ukuthi niyalalela yini kukho konke.

10Lowo enimthethelela okuthile, nami ngiyamthethelela, ngokuba lokhu engikuthethelele, uma kukhona noma yini engiyithetheleleyo, ngiyithethelele ngenxa yenu, ebukhoneni bukaKhristu,

11ukuze singehlulwa nguSathane, ngokuba asisibo abangawazi amaqhinga akhe.

12Kepha ekufikeni kwami eThrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKhristu, ngavulelwa umnyango yiNkosi,

13nokho angibanga nakho ukuthula emoyeni wami lapho ngingamfumani uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa, ngadlulela eMakhedoniya.

14Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.

15Ngokuba siyiphunga elimnandi likaKhristu kuNkulunkulu kulabo abasindiswayo nakulabo ababhubhayo.

16Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?

17Ngokuba asinjengabo abaningi abadunga izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa sikwenza njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKhristu.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 2 Corinthians 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.