2 Corinthians 12020

1UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte nabo bonke abangcwele abakulo lonke i-Akhaya:

2makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.

3Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke,

4osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu.

5Njengokuba izinhlupheko zikaKhristu ziziningi kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuyaphuphuma ngoKhristu.

6Kepha noma sikhathazwa manje, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu; uma siduduzwa, kungenxa yokududuzwa kwenu okuveza ukubekezela ezinhluphekweni ezifanayo nalezi esihlupheka ngazo nathi.

7Ithemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengabahlanganyela ezinhluphekweni, kanjalo ningabahlanganyeli nasenduduzweni.

8Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.

9Thina ngokwethu sazibonela ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembele kuNkulunkulu ovusa abafileyo.

10Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.

11Njengalokhu nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze babe baningi ababongayo ngenxa yethu ngesipho esisinikiweyo ngokucela kwabaningi.

12Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.

13Ngokuba asinilobeli lutho olunye ngaphandle kwalokho enikufundayo, noma enikwaziyo. Ngiyethemba futhi ukuthi niyakukwazi ngokupheleleyo kuze kube sekugcineni,

14njengalokhu nisazile ingxenye, ukuthi siyiqholo lenu, kanjalo-ke nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.

15Ngenxa yaleli themba, ngahlela ukuba ngize kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokuphindiwe, ngokunivakashela kwami;

16okokuqala ngiya eMakhedoniya, okwesibili nalapho sengibuya eMakhedoniya ngize kini, bese ngiphelezelwa yini uma sengiya eJudiya.

17Ngabe ngangidlala yini uma ngihlela ukwenza lokho na? Noma kumbe izinto engizihlelayo ngikwenza lokho ngokwenyama ngilindele ukuthi yebo, yebo, noma qha, qha, ngesikhathi esifanayo na?

18Kepha njengalokhu uNkulunkulu ethembekile, izwi lethu kini alisiye uyebo noqhabo.

19Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo.

20Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.

21Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo,

22nguye futhi owasibeka uphawu, nowasipha uMoya oyisibambiso ezinhliziyweni zethu.

23Mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi nganginiphephisa ngokuba ngingaphindi ngize eKhorinte,

24kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 2 Corinthians 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.