1 Chronicles 82020

1UBhenjamini wazibula ngoBhela, welanywa ngu-Ashibheli, owesithathu kwaba ngu-Ahara,

2owesine kwaba nguNoha, owesihlanu kwaba nguRafa.

3Amadodana kaBhela: kwakungu-Adari, uGera, u-Abhihudi,

4u-Abhishuwa, uNahamani, u-Ahowa,

5uGera, uShefufani noHuramu.

6Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zezakhamuzi zaseGebha, ezathunjelwa eManahathi,

7zayiswa ekuthunjweni: nguNahamani, u-Ahiya, uGera owayezala u-Uza no-Ahihudi.

8UShaharayimi wazala abantwana kwaMowabi, esebahambisile omkakhe uHushimi noBhahara.

9Wazala amadodana kuHodeshi, umkakhe; kwakunguJobhabhi, uSibiya, uMesha, uMalikhamu,

10uJewuze, uShakhiya, noMirima. Laba kwakungamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.

11Wazala kuHushimi u-Abhithubhi no-Eliphahali.

12Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona;

13uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi.

14U-Ahiyo, uShashakhi, uJeremothi,

15uZebadiya, u-Aradi, u-Edere,

16uMikhayeli, uJishipha, uJoha, kwakungamadodana kaBheriya.

17UZebadiya, uMeshulamu, uHiziki, uHebhere,

18u-Ishmerayi, uJiziliya, uJobhabhi, kwakungamadodana ka-Eliphahali.

19UJakimi, uZikhiri, uZabhidi,

20u-Eliyenayi, uZilethayi, u-Eliyeli,

21u-Adaya, uBheraya, uShimrathi, kungamadodana kaShimeyi.

22UJishiphani, u-Ebhere, u-Eliyeli,

23u-Abhidoni, uZikhiri, uHanani,

24uHananiya, u-Elamu, u-Anithothiya,

25u-Ifideya, uPhenuweli, kwakungamadodana kaShashaki.

26UShamusherayi, uShehariya, u-Athaliya,

27uJahareshiya, u-Eliya, noZikhiri, kungamadodana kaJerohamu.

28Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.

29EGibheyoni kwakuhlala uyise kaGibheyoni, igama lomkakhe kunguMahakha.

30Izibulo lakhe kwakungu-Abhidoni elanywe uZuri, uKhishi, uBhali, uNadabhi,

31uGedori, u-Ahiyo noZekheri.

32UMakhilothi wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema.

33UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali.

34Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.

35Amadodana kaMikha: kwakunguPhithoni, uMelekhi, uThareya no-Ahazi.

36U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala u-Alemethi, u-Azimavethi, uZimri; uZimri wazala uMosa;

37uMosa wazala uBhineya, uRafa, u-Eleyasa, u-Azeli.

38U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, nanka amagama awo: kwakungu-Azirikamu, uBhokheru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obhadiya noHanani. Bonke laba kwakungamadodana ka-Azeli.

39Amadodana ka-Esheki umfowabo: izibulo kwakungu-Ulamu, owesibili kunguJewushe, owesithathu kungu-Elifelethi.

40Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi, namadodana amadodana amaningi, eyi-150. Laba babengabozalo lukaBhenjamini.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Chronicles 8.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.