1 Chronicles 72020

1Amadodana ka-Isakhare: kwakunguThola, uPhuwa, uJashubhi noShimroni; esewonke ayemane.

2Amadodana kaThola: kwakungu-Uzi, uRefaya, uJeriyeli, uJahemayi, u-Ibhisamu, noShemuweli. Babeyizinhloko zezindlu zokhokho babo, abakwaThola, bengamaqhawe anamandla ngezizukulwane zabo. Ubuningi babo ngesikhathi sikaDavide babeyizi-22 600.

3Indodana ka-Uzi: kunguJizirahiya. Amadodana kaJizirahiya: kwakunguMikhayeli, u-Obhadiya, uJoweli noJishiya; eyisihlanu esewonke futhi wonke eyizinhloko.

4Kuwo kwakukhona amabutho ngamaviyo awo, ezizukulwaneni zezindlu zokhokho bawo. Kwakungamabutho ayizi-36 000, ngokuba babenabafazi abaningi namadodana amaningi.

5Abakwa-Isakhare ngokwemindeni babeyizi-87 000, bengamaqhawe, futhi bonke bebhalwe ngezizukulwane zabo.

6Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri noJediyayeli; emathuthu esewonke.

7Amadodana kaBhela: kwakungu-Eshibhoni, u-Uzi, u-Uziyeli, uJeremothi, no-Iri, eyisihlanu esewonke. Ayeyizinhloko zezindlu zawoyise, engamaqhawe anamandla, ayeyizi-22 034, wonke ebhalwe ngokwezizukulwane zawo.

8Amadodana kaBhekheri: kwakunguZemira, uJowashi, u-Eliyezeri, u-Eliyohenayi, u-Omri, uJeremothi, u-Abhiya, u-Anathothi no-Alemethi. Bonke laba abangenhla kwakungamadodana kaBhekheri.

9Abhalwa ngokwezizukulwane zawo, eyizinhloko zezindlu zokhokho bawo, engamaqhawe anamandla, eyizi-20 200.

10Indodana kaJediyayeli: kwakunguBhilihani. Amadodana kaBhilihani: kunguJewushe, uBhenjamini, u-Ehudi, uKhenahana, uZethani, uTharishishi no-Ahishahari.

11Bonke laba babengamadodana kaJediyayeli, beyizinhloko zezindlu zawoyise, bengamaqhawe anamandla, beyizi-17 000 abase bekulungele ukuphuma impi.

12Amadodana ka-Iri: kwakunguShuphimi noHuphimi. UHushimi eyindodana ka-Aheri.

13Amadodana kaNafethali: kwakunguJaziyeli, uGuni, uJezeri noShalumi, amadodana kaBhiliha.

14Amadodana kaManase: kwakungu-Asiriyeli ayemzalelwe isancinza sakhe, umAramukazi, sazala noMakhiri uyise kaGileyadi.

15UMakhiri wathathela uHuphimi noShuphimi abafazi, udadewabo kwakunguMahakha. Igama lowesibili kwakunguZelofehadi. UZelofehadi wayenamadodakazi wodwa.

16UMahakha, umkaMakhiri, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguPhereshi; igama lomfowabo kunguShereshi; amadodana akhe kungu-Ulamu noRakhemi.

17Indodana ka-Ulamu: kunguBhedani. Labo babengabozalo lukaGileyadi kaMakhiri kaManase.

18Udadewabo, uHamolekhethi, wazala u-Ishihodi, u-Abhiyezeri noMahela.

19Amadodana kaShemida: kwakungu-Ahiyani, uShekhemi, uLikhihi no-Aniyamu.

20Abozalo luka-Efrayimi: kwakunguShuthela, uBheredi, uThahathi, u-Eleyada uThahathi,

21uZabhadi, uShuthela, u-Ezeri no-Eleyadi, babulawa ngabantu baseGathi ababezelwe kulelo lizwe, ngokuba behla ukuzothatha imfuyo yabo.

22U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza bamduduza.

23Walala nomkakhe, wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguBheriya, ngokuba wathi indlu yakhe beyehlelwe yinhlekelele.

24Indodakazi yakhe kwakunguSheyera owakha iBhethi Horoni eZansi naseNhla, ne-Uzeni Sheyera.

25Indodana yakhe kwakunguRefa, uThela, uThahani,

26uLadani, u-Amihudi, u-Elishama,

27uNuni, noJoshuwa.

28Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBhethele nemizana yalo, ngasempumalanga kuyiNaharani, ngasentshonalanga kuyiGezeri nemizana yalo, iShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;

29ngasemingceleni yabakwaManase kuyiBhethi Sheyani nemizana yalo, iThahanakhi nemizana yalo, iMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo ndawo kwahlala abakwaJosefa, indodana ka-Israyeli.

30Amadodana ka-Asheri: kwakunguJimna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, nodadewabo uSera.

31Amadodana kaBheriya: kunguHebhere, noMalikhiyeli owayenguyise kaBhirizayithi.

32UHebhere wazala uJafelethi, uShomeri, uHothamu, noShuwa, udadewabo.

33Amadodana kaJafelethi: kwakunguPhasakhi, uBhimihali, no-Ashivathi. Laba kwakungamadodana kaJafelethi.

34Amadodana kaShemeri: kwakungu-Ahi, uRohiga, uJehuba no-Aramu.

35Amadodana kaHelemi, umfowabo: kunguZofa, uJimna, uSheleshi no-Amali.

36Amadodana kaZofa: kwakunguShuwa, uHarineferi, uShuhali, uBheri no-Imra,

37uBhezeri, uHodi, uShama, uShilisha, u-Ithrani noBheyera.

38Amadodana kaJetheri: kwakunguJefune, uPhisipha no-Ara.

39Amadodana ka-Ula: kungu-Ara, uHaniyeli noRiziya.

40Bonke laba babengabozalo luka-Asheri, izinhloko zezindlu zokhokho, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zabaholi. Inani labo sebebonke elibhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini, kwakungamabutho ayizi-26 000.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 1 Chronicles 7.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.