Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 4

:
Zulu - 1959
1 Ngiphendule ekukhaleni kwami, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.
2 Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na?
3 Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.
4 Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule.
5 Nikelani iminikelo yokulunga, nethembe uJehova.
6 Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
7 Ubeke injabulo enhliziyweni yami edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.
8 Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.