Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 3

:
Zulu - 1959
1 Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.
2 Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.”
3 Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
4 Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele.
5 Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.
6 Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.
7 Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.
8 Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho.