Romans 7
1 Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na?
2 Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.
3 Ngakho-ke uma umyeni wakhe esekhona, uyakuthiwa isifebe, uma eba ngowenye indoda; ukuze angabi sisiphingi, noma engendela kwenye indoda.
4 Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.
5 Ngokuba lapho sisenyameni, inkanuko yezono eyayingokomthetho yasebenza ezithweni zethu ukuba sithelele ukufa isithelo.
6 Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.
7 Ngakho siyakuthini? Umthetho uyisono na? UNkulunkulu akakuvumeli. Cha, bengingasazi isono, kodwa ngomthetho;
8 Kodwa isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi yonke inkanuko. Ngokuba ngaphandle komthetho isono sasifile.
9 Ngokuba ngake ngaphila ngaphandle komthetho;
10 lomlayo owawungowokuphila ngawuthola ungowokufa.
11 Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.
12 Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.
13 Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? UNkulunkulu akakuvumeli. Kepha isono, ukuze sibonakale siyisono, sisebenza ukufa kimi ngalokho okuhle; ukuze isono ngomyalo sibe yisono kakhulu.
14 Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.
15 Ngokuba lokho engikwenzayo angikwazi; ngokuba engikuthandayo, lokho angikwenzi; kodwa engikuzondayo, yikho engikwenzayo.
16 Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngivumelana nomthetho ukuthi muhle.
17 Ngakho-ke akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
18 Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle, ngokuba ukuthanda kukhona kimi; kodwa ukwenza okuhle kangikutholi.
19 Ngokuba okuhle engikuthandayo, angikwenzi, kepha okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.
20 Uma ngenza lokho engingakuthandiyo, akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
21 Ngakho ngithola umthetho wokuthi, nxa ngithanda ukwenza okuhle, okubi kukhona kimi.
22 Ngokuba ngiyathokoza emthethweni kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi;
23 Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwa lomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
24 O mina muntu wosizi! ngubani ozangikhulula kulomzimba walokhu kufa?
25 Ngiyambonga uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo; kodwa ngenyama umthetho wesono.