Romans 16
1 Ngiyamtusa kini uFebe udadewethu oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya;
2 ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke aniswele ngakho;
3 Khonzani koPrisila no-Akwila, izisebenzi zami kuKristu Jesu.
4 ababeke phansi izintamo zabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.
5 Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu.
6 Bingelelani uMariya owasebenza kanzima ngenxa yethu.
7 Khonzani ko-Anidroniku noJuniya, izihlobo zami neziboshwa kanye nami, abadumileyo phakathi kwabaphostoli nabo ababe kuKristu ngaphambi kwami.
8 Khonzani ku-Ampiliyasi isithandwa sami eNkosini.
9 Khonzani ku-Uribane, isisebenzi sethu kuKristu, nakuStaku isithandwa sami.
10 Khonzani ku-Aphele ovunyelwe kuKristu. Khonzani kwabendlu ka-Aristobulo.
11 Khonzani kuHerodiyoni isihlobo sami. Khonzani kwabendlu kaNarkisu abaseNkosini.
12 Khonzani koTrifina noTrifosa, abasebenza kanzima eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.
13 Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nonina, nowami.
14 Khonzani ko-Asinkritu, noFilegoni, noHerma, noPhatroba, noHermesi, nabazalwane abanabo.
15 Khonzani kuFilologo, noJuliya, noNerewu, nodadewabo, no-Olimpa, nabangcwele bonke abanabo.
16 Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini amabandla kaKristu.
17 Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme.
18 Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.
19 Ngokuba ukulalela kwenu sekufinyelele kubantu bonke. Ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe abangenalwazi kokubi.
20 UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen.
21 Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosipatro, izihlobo zami.
22 Mina Tertiyu, engilobe le ncwadi, ngiyakhonza kini eNkosini.
23 Uyakhonza kini uGayu, esingimbelele, nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu induna yomuzi, noKwartu umzalwane.
24 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.
25 Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;
26 Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa;
27 KuNkulunkulu ohlakaniphileyo yedwa, kakube ludumo ngoJesu Kristu kuze kube nininini. Amen. (Yabhalelwa amaRoma ivela eKorinte, yathunyelwa nguFebe inceku yebandla laseKenikreya.)