Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Philippians 4

:
Zulu - 2023
1 Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami.
2 Ngiyamncenga u-Evodiya noSintike ukuba babe nhliziyonye eNkosini.
3 Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.
4 Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani.
5 Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.
6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
7 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
8 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.
9 Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
10 Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba.
11 Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso.
12 Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela.
13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.
14 Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami.
15 Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa.
16 Ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ekusweleni kwami.
17 Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu.
18 Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.
19 Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.
20 Makube kuNkulunkulu uBaba wethu inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
21 Khonzani kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bayakhonza kini.
22 Bayakhonza kini bonke abangcwele, ikakhulu abendlu kaKesari.
23 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. (KwabaseFiliphi ilotshwa nguEphafrodithu eseRoma.)