John 9
1 Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.
2 Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?
3 UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.
4 Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo kusesemini;
5 Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe.
6 Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka.
7 Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.
8 Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na?
9 Abanye bathi: Lo nguye; abanye bathi: Unjengaye; kodwa yena wathi: Nginguye.
10 Bathi kuye: “Avulwe kanjani amehlo akho na?
11 Waphendula wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenze udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Hamba echibini laseSilowama, ugeze;’ ngahamba ngageza, ngabona.
12 Base bethi kuye: “Uphi yena na? Wathi: Angazi.
13 Bamletha kubaFarisi lowo owayeyimpumputhe ngaphambili.
14 Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe.
15 Khona futhi nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda udaka emehlweni ami, ngageza, sengiyabona.
16 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.
17 Baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho na? Wathi: Ungumprofethi.
18 Kepha abaJuda abakholwanga ngaye, ukuthi ubeyimpumputhe, usebuye wabona, aze abiza abazali bakhe lowo osethole ukubona.
19 Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? pho, isibona kanjani manje na?
20 Abazali bakhe babaphendula bathi: Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu, nokuthi wazalwa eyimpumputhe;
21 Kodwa ukuthi usebona njani khathesi asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; mbuze: uzakuzikhulumela yena.
22 Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni.
23 Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye.
24 Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu;
25 Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.
26 Base bephinda bathi kuye: “Wenzeni kuwe na? uwavule kanjani amehlo akho na?
27 Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na?
28 Base bemthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe; kepha thina singabafundi bakaMose.
29 Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose;
30 Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami.
31 Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni;
32 Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.
33 Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho.
34 Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.
35 UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu?
36 Yena waphendula wathi: Ungubani, Nkosi, ukuze ngikholwe kuye?
37 UJesu wathi kuye: “Usuyibonile, nguye okhuluma nawe.
38 Wathi: Ngiyakholwa, Nkosi. Wakhuleka kuye.
39 UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe.
40 Abanye kubaFarisi ababe naye bezwa lokho, bathi kuye: “Kanti nathi siyizimpumputhe na?
41 UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono; ngakho isono senu sihlezi.