John 7
1 Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.
2 Umkhosi wabaJuda wamadokodo wawususondele.
3 Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo.
4 Ngokuba akakho owenza utho ekusithekeni, yena ngokwakhe efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise emhlabeni.
5 Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye.
6 Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile.
7 Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.
8 Khuphukani nina niye emkhosini; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi; ngoba isikhathi sami asikafiki.
9 Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.
10 Kepha abafowabo sebenyukile, naye wenyuka waya emkhosini, kungesobala kodwa kungathi ngasese.
11 AmaJuda amdinga emkhosini, athi: Ungaphi yena?
12 Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye esixukwini, abanye bathi: “Umuhle;” abanye bathi: “Qha; kodwa udukisa abantu.
13 Kepha kwakungekho muntu owakhuluma ngaye obala ngokwesaba abaJuda.
14 Umkhosi usuphakathi uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.
15 AmaJuda amangala, athi: “Lo wazi kanjani izincwadi engafundanga na?
16 UJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami kayisiyo eyami, kodwa ngeyalowo ongithumileyo.
17 Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.
18 Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.
19 UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na?
20 Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena;
21 UJesu waphendula wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke.
22 Ngakho uMose uninikile ukusoka; (kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho), niyakusoka umuntu nangesabatha.
23 Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na?
24 Ningahluleli ngokubonakala, kodwa yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.
25 Ngakho abanye kwabeJerusalema bathi: Lo kayisuye yini abafuna ukumbulala?
26 Kodwa khangela, ukhuluma ngesibindi, kodwa kabatsho lutho kuye. Ingabe ababusi bayazi ngempela ukuthi lo unguKristu?
27 Kodwa lo siyamazi lapho avela khona;
28 Khona uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi lapho ngivela khona;
29 Kodwa mina ngiyamazi, ngoba ngivela kuye, njalo nguye ongithumileyo.
30 Base befuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
31 Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?
32 AbaFarisi bezwa ixuku likhonona lezizinto ngaye; abaFarisi nabapristi abakhulu bathuma izikhonzi ukuba zimbambe.
33 Khona uJesu wathi kubo: “Kuseyisikhashana nginani, bese ngiya kongithumileyo.
34 Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.
35 Khona abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo ukuba singamfumani na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kwabezizwe, afundise abezizwe na?
36 Yizwi lini leli alishoyo lokuthi: Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina na?
37 Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.
38 Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, kugobhoza esiswini sakhe imifula yamanzi aphilayo.
39 (Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
40 Ngakho abaningi esixukwini sebezwile leli zwi bathi: “Nempela lo ungumProfethi.”
41 Abanye bathi: Lo unguKristu. Kepha abanye bathi: “UKristu angavela eGalile na?
42 Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na?
43 Kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.
44 Abanye kubo babethanda ukumbamba; kodwa kakho owambeka izandla.
45 Khona izikhonzi zafika kubapristi abakhulu nakubaFarisi; bathi kubo: “Animlethanga ngani na?
46 Izikhonzi zaphendula zathi: Kakuzange kukhulume muntu njengalo.
47 AbaFarisi basebephendula bathi: Lani lidukisiwe yini?
48 Ukhona yini kubabusi noma kubaFarisi okholwe kuye na?
49 Kepha lesi sizwe esingawazi umthetho siqalekisiwe.
50 UNikodima wathi kubo, yena owafika kuJesu ebusuku engomunye wabo.
51 Umthetho wethu uyamgweba yini umuntu, ungakamuzwa, wazi akwenzayo na?
52 Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenya, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.
53 Basuka, kwaba yilowo nalowo waya endlini yakhe.