John 4
1 Ngakho iNkosi isibonile ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uJesu wenza ebhabhathize abafundi abanengi kuloJohane,
2 (Lanxa uJesu ngokwakhe engabhabhathizanga, kodwa abafundi bakhe,)
3 Wasuka eJudiya, wabuye wamuka, waya eGalile.
4 Kwakumele adabule eSamariya.
5 Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.
6 Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
7 Kwafika owesifazane waseSamariya ukuzokukha amanzi; uJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.
8 (Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.)
9 Owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Kungani wena ungumJuda ucela ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na? ngoba amaJuda kawadlelani lamaSamariya.
10 UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.
11 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na?
12 Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?
13 UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;
14 Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
15 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha.
16 UJesu wathi kuye: “Hamba, ubize indoda yakho, uze lapha.
17 Owesifazana waphendula wathi: Kangilandoda. UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: Anginandoda;
18 Ngokuba ubunamadoda amahlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho;
19 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.
20 Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.
21 UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.
22 Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda.
23 Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.
24 UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bamelwe ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
25 Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu;
26 UJesu wathi kuye: Mina engikhuluma lawe nginguye.
27 Ngalokho bafika abafundi bakhe, bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; kumbe: Ukhulumelani laye?
28 Owesifazana washiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi ebantwini:
29 Wozani, libone umuntu, ongitshele konke engakwenzayo; lo kayisuye uKristu yini?
30 Basebephuma emzini, beza kuye.
31 Kusenjalo abafundi bakhe bamncenga, besithi: Rabi, yidla.
32 Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo.
33 Ngakho abafundi bakhulumisana besithi: Kambe ukhona omlethele ukudla?
34 UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.
35 Anisho yini ukuthi: Kusasele izinyanga ezine, kufike ukuvuna na? bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibuke amasimu; ngoba asemhlophe alungele ukuvunwa.
36 Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.
37 Lalokhu liqinisile ilizwi elithi: Omunye uyahlanyela, lomunye uyavuna.
38 Mina ngalithuma ukuvuna lokho eningakusebenzelanga;
39 Abaningi kumaSamariya akulowo muzi bakholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.
40 Kwathi esefikile kuye amaSamariya amncenga ukuthi ahlale lawo; wasehlala khona insuku ezimbili.
41 Abaningi abengeziwe bakholwa ngenxa yezwi lakhe;
42 Base bethi kowesifazane: “Manje asisakholwa ngenxa yokusho kwakho, ngokuba sizizwile thina ngokwethu, siyazi ukuthi ngempela lo unguMsindisi womhlaba uKristu.
43 Kwathi emva kwezinsuku ezimbili wamuka lapho, waya eGalile.
44 Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kadunyiswa ezweni lakubo.
45 Kuthe esefikile eGalile, abaseGalile bamamukela, sebebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini, ngokuba nabo babeyile emkhosini.
46 UJesu wabuye weza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile, indodana yayo yayigula eKapernawume.
47 Lathi selizwile ukuthi uJesu usefikile eGalili evela eJudiya, laya kuye, lamncenga ukuthi ehle, asilise indodana yakhe, ngoba yayisigulela ukufa.
48 Khona uJesu wathi kuye: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa;
49 Isikhulu sathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.
50 UJesu wathi kuye: “Hamba; indodana yakho iyaphila. Indoda yakholwa yizwi uJesu alishilo kuye, yahamba.
51 Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zamtshela ukuthi: “Indodana yakho iphilile.
52 Wasebabuza ihola aqale ngalo ukululama. Basebesithi kuye: Izolo ngehola lesikhombisa umkhuhlane umyekele.
53 Wasekwazi uyise ukuthi yisona leso sikhathi uJesu asho ngaso kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.
54 Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza ephuma eJudiya, efika eGalile.