John 16
1 Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze lingakhubeki.
2 Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.
3 Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.
4 Kepha nginitshelile lezizinto, ukuze kuthi lapho kufika isikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona. Futhi lezi zinto angishongo kini ekuqaleni, ngoba nganginani.
5 Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na?
6 Kodwa ngokuba ngikhulume lokho kini, usizi lugcwele enhliziyweni yenu.
7 Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.
8 Njalo nxa esefikile yena, uzalaya ilizwe ngesono, langokulunga, langokwahlulela;
9 ngesono, ngoba bengakholwa kimi;
10 Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;
11 ngokwahlulela, ngokuba umbusi walumhlaba usegwetshiwe.
12 Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje.
13 Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
14 Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona.
15 Konke uBaba anakho kungokwami;
16 Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.
17 Khona abanye kubafundi bakhe bakhuluma bodwa, bathi: “Kuyini lokhu akusho kithi ukuthi: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone?
18 Bathi-ke: “Kuyini lokhu akushoyo ukuthi: ‘Okuyisikhashana; asazi ukuthi uthini.
19 UJesu wayesekwazi ukuthi babethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngokuthi ngithe: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, na?
20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;
21 Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;
22 Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.
23 Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
24 Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.
25 “Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso;
26 Ngalolosuku lizacela ebizweni lami;
27 Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.
28 Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni;
29 Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso.
30 Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu.
31 UJesu wabaphendula wathi: “Niyakholwa manje na?
32 Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
33 Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.