Galatians 6
1 Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.
2 Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.
3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.
4 Kodwa yilowo lalowo kahlole owakhe umsebenzi, yikhona ezakuba lokuzibonga yena yedwa, hatshi ngomunye.
5 Ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.
6 Ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo ofundisayo ezintweni zonke ezinhle.
7 Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.
8 Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
9 Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
10 Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
11 Niyabona ukuthi uhlamvu olungakanani enginilobele ngalo ngesami isandla.
12 Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.
13 Ngoba labo abasokileyo kabawugcini umlayo; kodwa bafisa ukuthi nisokwe, ukuze bazincome enyameni yenu.
14 Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.
15 Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho, kodwa isidalwa esisha.
16 Nabo bonke abahamba ngalo mthetho, makube kubo ukuthula nesihawu, naku-Israyeli kaNkulunkulu.
17 Kusukela manje makungabikho muntu ongihluphayo, ngokuba nginezimpawu zeNkosi uJesu emzimbeni wami.
18 Bazalwane, umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu. Amen. (KwabaseGalathiya kulotshiwe eRoma.)