1 Thessalonians 12023

1UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

2Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, sinikhumbula emikhulekweni yethu;

3sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu;

4sisazi, bazalwane abathandekayo, ukukhethwa kwenu kukaNkulunkulu.

5Ngokuba ivangeli lethu alifikanga kini ngezwi kuphela, kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokuqiniseka okukhulu; njengokuba nazi ukuthi sasinjani phakathi kwenu ngenxa yenu.

6Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele;

7naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.

8Ngokuba izwi leNkosi lazwakala livela kini, kungesikho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha nasezindaweni zonke ukukholwa kwenu kuNkulunkulu kwanda; ukuze singadingi ukukhuluma utho.

9Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;

10nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.

Copyright of City Bible Foundation in cooperation with Baasraak Bible Translation from Baasraak Media © 2023

Choose Translation

Switch translation for 1 Thessalonians 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.