Zechariah 7
1 Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kwenkosi uDariyu izwi likaSimakade lafika kuZakhariya ngosuku lwesine ngenyanga yesishiyagalolunye, kuKhisilevi.
2 IBhethele lalithume uSharezeri, noRegemu Melekhi nabantu babo ukuyonxusa ebusweni bukaSimakade,
3 nokukhuluma kubaphristi abasendlini kaSimakade Wamabandla nakubaphrofethi, bathi: “Ngikhale yini ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengoba ngenzile kule minyaka eminingi kangaka, na?”
4 Kwase kufika kimi izwi likaSimakade Wamadla, lathi:
5 “Buza kubo bonke abantu bezwe nakubaphristi, uthi: ‘Ekuzileni nasekulileni kwenu ngenyanga yesihlanu neyesikhombisa kule minyaka engama-70 ngabe ngempela nanizilele Mina yini na?
6 Lapho nidla niphuza, anizidleli, niziphuzele nina yini na?
7 Akusiwo yini amazwi lawa uSimakade awamemezela ngesandla sabaphrofethi bakuqala, lapho iJerusalema lalihleli ngokuthula, imizi yalo elizungeze nxazonke, iNegevu namagquma kwakuhleli ngokuthula na?’ ”
8 Izwi likaSimakade lafika kuZakhariya, lathi:
9 “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Yehlulelani izehlulelo eziliqiniso, nibe nokwethembeka nozwelo, kube yilowo nalowo komunye.
10 Ningacindezeli abafelokazi, izintandane, abafokazi, nabampofu. Kungabi bikho odlinzela omunye okubi enhliziyweni yakhe.’
11 “Kepha benqaba ukulalela, bapikla, bavala izindlebe zabo ukuba bangezwa.
12 Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.
13 “ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.
14 “ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”