Zechariah 2
1 Ngabheka, ngabona indoda iphethe esandleni intambo yokulinganisa.
2 Ngayibuza ngathi: “Uyakuphi na?” Yathi kimi: “Ngiyakolinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, nokuthi bungakanani ubude balo.”
3 Ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma-ke, kwathi enye ingelosi yeza ukuyihlangabeza.
4 Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo.
5 ‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.
6 “Maye! Maye, balekani enyakatho!” kusho uSimakade, “ngokuba nginihlakaze njengemimoya emine yezulu,” kusho uSimakade.
7 “Maye, phulukundlela, uye eZiyoni, wena ohlala nendodakazi yaseBhabhele!”
8 Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.
9 Niyabona-ke, impela ngiyakuphakamisa isandla sami phezu kwabo ngimelane nabo, bayakuba yimpango yezigqila zabo, niyokwazi ukuthi ungithumile uSimakade Wamabandla.
10 “Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho,” kusho uSimakade.
11 “Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.
12 USimakade uyakudla uJuda abe yifa lakhe, nesabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye alikhethe iJerusalema.
13 Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”