Titus 22020

1Kepha wena khuluma ngalokho okufanele imfundiso elungileyo,

2ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni.

3Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle,

4ukuze bagqugquzele abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, nabantwana babo,

5babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.

6Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo.

7Zibonakalise kukho konke lokhu uyisibonelo semisebenzi emihle, ubonise ubuqotho ekufundiseni nesizotha,

8ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.

9Ngokunjalo ziyale izinceku ukuba zibathobele ezibasebenzelayo, zibathokozise kukho konke, zingaqagulisani nabo,

10zingantshontshi, zikhombise konke ukukholwa okuhle, ukuze ivunuliswe ngobuhle imfundiso kaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.

11Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;

12uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, ngokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,

13silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,

14owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.

15Khuluma ngalokho, ugqugquzele, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabi bikho namunye okwedelelayo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Titus 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.