1Uyephi othandiweyo wakho, wena omuhle kakhulu phakathi kwabesifazane na? Ushonephi othandiweyo wakho sikufunise?
2Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.
3Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze.
4Sithandwa sami, umuhle njengeThirisa, uyabukeka njengeJerusalema, uyahlonipheka njengempi.
5Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangisanganisa, izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi.
6Amazinyo akho afana nomhlambi wezimvukazi zikhuphuka kade zigezwa, zinamaphahla, kungekho neyodwa efelweyo kuzo.
7Njengocezu lwehananadi, zinjalo izihlathi zakho ngale kwemvakazi yakho.
8Ondlunkulu bangamashumi ayisithupha, izancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, izintombi azinakubalwa.
9Kodwa ijuba lami, opheleleyo wami, munye qhwaba; uzelwe yedwa kunina, uyikhethelo lalowo owamzalayo. Amadodakazi ambona qede ambize ngobusisiweyo, ondlunkulu nezancinza bambona maqede bamhashe.
10Ngubani lo obukeka njengentathakusa, omuhle njengenyanga, okhanya njengelanga, ohlonipheka njengempi na?
11Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.
12Ngingazelele nje ukulangazelela kwami kwangibeka ezinqoleni zempi, zabantu benkosana yami.
13Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili.