Song of Solomon 22020

1Ngiyimbali yaseSharoni, nomnduze wezimfunda.

2Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintokazi.

3Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.

4Ungingenise endlini yewayini, ibhanela lakhe, phezu kwami, wuthando.

5Ngondle ngamakhekhe anamagilebhisi omisiwe, ungivuselele ngamahhabhula, ngokuba ngiyafa wuthando.

6Umkhono wakho wakwesokhohlo ungumqamelo wekhanda lami kuthi owangakwesokunene ungigone ngawo.

7Ngiyaniyala madodakazi aseJerusalema ngezimpala nemigakla; ningaluvusi uthando kungakabi yisikhathi, Luyekeni luziqubukele lona.

8Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.

9Othandiweyo wami ufana nensephe noma isixhumo sendluzele. Bheka, lona omi ngemuva kodonga lwakwethu; ugqolozele emafasiteleni, upopola ngamakhethini.

10Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.

11Ngokuba ubusika sebudlulile, nemvula ayisekho, alisani;

12umhlaba usuhlobe ngezimbali, isikhathi sokuthena imivini sesifikile, sekuzwakala nomsindo wokulilizela kwamajuba ezweni lakithi.

13Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.”

14Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.

15Sibambeleni izimpungushe, amazinyane azo angazoni izivini, ngokuba izivini zethu zisaqhakaza.

16Othandiweyo wami ungowami, nami ngingowakhe; welusela phakathi kweminduze.

17Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, phenduka wena othandiweyo wami, ufane nensephe noma nesixhumo sendluzele ezintabeni ezimakhelekehle.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Song of Solomon 2.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.