Song of Solomon 3
1 Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kodwa angimtholanga.
2 Manje ngizovuka ngizungeze emzini, emigwaqweni nasemashashalazini, ngizomfuna othandwa ngumphefumulo wami. Ngamfuna, kodwa angimtholanga.
3 Abalindi abazungeza emzini, bazithela phezu kwami: “Animbonanga yini othandwa ngumphefumulo wami na?”
4 Ngithe nje ukwedlula kancane kubo, ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami. Ngambamba, ngamnkonkoshela angavuma ukuba ahambe, ngaze ngamfaka endlini kamame, nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.
5 Madodakazi aseJerusalema, fungani nigomele ngezinsephe, noma ngezindluzelakazi zasendle; ngeke naluvusa uthando. Luyekeni luziqubukele lona ngokwalo!
6 Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?
7 Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni! Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha emaqhaweni ka-Israyeli.
8 Wonke aphethe izinkemba, aqeqeshelwe impi, yileyo naleyo ndoda, inkemba yayo isenqulwini yayo, ngenxa yokwesaba ebusuku.
9 Inkosi uSolomoni izenzele indlwana yayo yokuyithwala ngemithi yaseLebhanoni.
10 Izinsika zayo yazenza ngesiliva, iphansi layo ngegolide, isihlalo sayo ngokubukhwebezane, ingaphakathi layo ligandaywe ngothando, ngamadodakazi aseJerusalema.
11 Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.