Song of Solomon 2
1 Ngiyimbali yaseSharoni, nomnduze wezimfunda.
2 Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintokazi.
3 Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
4 Ungingenise endlini yewayini, ibhanela lakhe, phezu kwami, wuthando.
5 Ngondle ngamakhekhe anamagilebhisi omisiwe, ungivuselele ngamahhabhula, ngokuba ngiyafa wuthando.
6 Umkhono wakho wakwesokhohlo ungumqamelo wekhanda lami kuthi owangakwesokunene ungigone ngawo.
7 Ngiyaniyala madodakazi aseJerusalema ngezimpala nemigakla; ningaluvusi uthando kungakabi yisikhathi, Luyekeni luziqubukele lona.
8 Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.
9 Othandiweyo wami ufana nensephe noma isixhumo sendluzele. Bheka, lona omi ngemuva kodonga lwakwethu; ugqolozele emafasiteleni, upopola ngamakhethini.
10 Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.
11 Ngokuba ubusika sebudlulile, nemvula ayisekho, alisani;
12 umhlaba usuhlobe ngezimbali, isikhathi sokuthena imivini sesifikile, sekuzwakala nomsindo wokulilizela kwamajuba ezweni lakithi.
13 Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.”
14 Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.
15 Sibambeleni izimpungushe, amazinyane azo angazoni izivini, ngokuba izivini zethu zisaqhakaza.
16 Othandiweyo wami ungowami, nami ngingowakhe; welusela phakathi kweminduze.
17 Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, phenduka wena othandiweyo wami, ufane nensephe noma nesixhumo sendluzele ezintabeni ezimakhelekehle.