Romans 7
1 Kanti anazi yini bazalwane, ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngaso sonke isikhathi esaphila na?
2 Ngokuba owesifazane oganile ubophelekile ngokomthetho endodeni yakhe, inqobo nje uma isaphila; kodwa uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.
3 Ngalokho-ke uma indoda isaphila, yena bese eba ngowenye indoda, uyakubizwa ngesindindwa, kodwa uma indoda isifile, ukhululekile emthethweni, akasiso isindindwa, uma eba ngowenye indoda.
4 Kanjalo nani bazalwane bami, nafa maqondana nomthetho ngomzimba kaKhristu, ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithele izithelo kuNkulunkulu.
5 Ngokuba sisesenyameni, izinkanuko zezono ezavela ngomthetho, zasebenza ezithweni zethu ukuze zithele izithelo zokufa.
6 Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho okwakusithiya ukuba sikhonze emoyeni omusha, hhayi ngendlela endala yomthetho.
7 Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”
8 Kepha isono sathola ithuba ngomyalo, saveza kimi zonke izinhlobo zokufisa; ngokuba ngaphandle komthetho, isono sifile.
9 Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho, kodwa kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono,
10 ngafa mina; kwathi umyalo obungowokuphila, wafunyanwa ungowokufa kimi.
11 Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, kwathi ngawo, sangibulala.
12 Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, futhi muhle.
13 Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? Phinde, akunjalo, kodwa isono, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngokusebenzisa okuhle, ukuba isono ngomyalo sibe sibi kakhulu.
14 Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kodwa mina ngingumuntu othengisiwe phansi kwesono.
15 Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; engikwenzayo akusikho lokhu engikuthandayo, kodwa lokho engikuzondayo, yikho kanye engikwenzayo.
16 Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle.
17 Kodwa manje akuseyimi engikwenzayo, kepha yisono esihlala kimi.
18 Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi emzimbeni wami, akuhlali lutho oluhle, ngokuba ukuthanda ukwenza okulungileyo kukhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho.
19 Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo, yikho kanye engikwenzayo.
20 Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.
21 Ngalokho ngithola ukuthi kunomthetho kimi, okuthi uma ngifuna ukwenza okuhle, okubi kube nami shaqa,
22 nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi.
23 Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwayo nomthetho osengqondweni yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
24 Maye, kimi muntu wosizi! Ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na?
25 Kepha makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Khristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo, kodwa umthetho wesono ngomzimba.