Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Romans 2

:
Zulu - 2020
1 Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho.
2 Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo.
3 Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na?
4 Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?
5 Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,
6 oyakuklomelisa lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:
7 kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.
8 Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.
9 Usizi nobuhlungu kuyakubehlela bonke abantu abenza okubi, umJuda kuqala, nomGriki.
10 Kepha inkazimulo, udumo, nokuthula kuyakuba kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGriki futhi.
11 Ngokuba uNkulunkulu akenzeleli.
12 Phela bonke abonileyo bengenamthetho, bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho, bayakwehlulelwa ngomthetho.
13 Ngokuba akusibo abezwa umthetho abangabalungileyo phambi kukaNkulunkulu, kodwa labo abawenzayo umthetho, yibona abayakulungisiswa.
14 Ngokuba uma abezizwe ababengenawo umthetho ngokwemvelo, benza okomthetho, labo abangenamthetho, bangumthetho ngokwabo,
15 bayabonakalisa ukuthi lokho okungumsebenzi womthetho kulotshiwe ezihliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza ngalokho, futhi nemicabango yabo iyakubamangalela noma ibavune,
16 ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.
17 Kepha uma ubizwa ngomJuda futhi wethembela emthethweni, uzigqaja ngoNkulunkulu,
18 futhi uyazi intando, wemukela lezo zinto ezemukelekileyo; ungofundisiweyo emthethweni;
19 uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe; ungukukhanya kwalabo abasebumnyameni,
20 umyali weziwula nomfundisi wezingane; uyisibonakaliso solwazi lweqiniso emthethweni.
21 Pho wena-ke ofundisa omunye, awufundiswanga yini wena na? Wena kanye oshumayela ukuthi kungebiwa, uyeba yini na?
22 Wena othi makungaphingwa, uyaphinga yini na? Wena onyanya izithombe, awuwaphangi yini amathempeli na?
23 Wena luqobo ozigqaja ngomthetho, awukhombisi yini ukungamhloniphi uNkulunkulu ngokweqa umthetho na?
24 Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.
25 Ngokuba ukusoka kuyasiza uma uwugcina umthetho, kodwa uma uyisephulamthetho, ngokusoka kwakho ufana nongasokile.
26 Ngakho-ke uma ongasokile egcina izimiso zomthetho, ukungasoki kwakhe akuyukubalwa yini ukuthi kungukusoka na?
27 Khona labo abangasokile ngokwemvelo, kodwa bewugcina umthetho, bayakunehlulela nina eninomthetho obhaliwe kanye nokusoka kodwa niwephula umthetho.
28 Ngokuba umJuda akasiye umJuda woqobo ngezinto ezibonwayo, kanjalo nokusoka akusikho nje okubonwa enyameni.
29 Kepha umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo ngomoya, hhayi ngomthetho nje obhaliweyo; okutuswa kwakhe akuveli nje kubantu, kodwa kuNkulunkulu.