Romans 16
1 Ngiyamncoma kini udadewethu, uFoyibe, oyidikoni ebandleni laseKhenikhreya,
2 ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala.
3 Khonzani kuPhriska no-Akhwila, izisebenzi, kanye nami kuKhristu uJesu,
4 abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe.
5 Khonzani nasebandleni elisendlini yabo naku-Efenethu, othandekayo kimi, owulibo lwabase-Asiya kuKhristu.
6 Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu.
7 Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami.
8 Khonzani ku-Amphiliyathu wami othandekayo eNkosini.
9 Nikhonze ku-Urbhanu, isisebenzi kanye nathi kuKhristu, nakuStakuwami othandekayo.
10 Khonzani ku-Aphele owethembekile kuKhristu. Nikhonze nakwabendlu ka-Aristobhulu.
11 Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami, nakwabendlu kaNarkisu abaseNkosini.
12 Khonzani koThrayifina noThrayifosa abasebenza nathi eNkosini. Khonzani kuPhersisi othandekayo, owasebenza kakhulu eNkosini.
13 Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nakunina ongumame nakimi.
14 Nikhonze ku-Asinkirithu, uFilegu, uHerme, uPhathroba, uHerma nakubazalwane abakanye nabo.
15 Khonzani nakuFilologu, uJuliheya, uNerewu, nodadewabo, naku-Olimpa, nakwabangcwele bonke abakanye nabo.
16 Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza onke amabandla kaKhristu.
17 Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,
18 ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.
19 Ngokuba njengoba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke, ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kodwa ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.
20 Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.
21 Uyakhonza kini uThimothewu oyisisebenzi kanye nami, noLukhiyu, uJasoni noSosiphathru, izihlobo zami.
22 Mina, Therthiyu, olobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini.
23 Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu, umzalwane.
24 Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke. Amen.
25 Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade.
26 Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.
27 Kuye uNkulunkulu, Yena yedwa onokwazi, makube kuye inkazimulo ngoJesu Khristu kuze kube phakade. Amen.