Romans 142020

1Kepha memukeleni obuthakathaka ekukholweni, kungabi ngemidlinzo yokumehlulela.

2Omunye ukholwa ukuthi angakudla konke, kodwa obuthakathaka udla imifino kuphela.

3Odlayo makangamdeleli ongadliyo, ngokunjalo nongadliyo makangamehluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.

4Lapho ungubani nje wena owehlulela inceku yomunye na? Kuphambi kwenkosi yayo ukuma noma ukuwa kwayo, kodwa iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.

5Omunye uqhakambisa olunye usuku kunolunye, omunye azithathe ngokufana zonke izinsuku; makube yilowo nalowo aqiniseke emqondweni wakhe ngakucabangayo.

6Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu.

7Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena;

8ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi, uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.

9Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.

10Umehlulelelani-ke wena umzalwane wakho na? Futhi umedelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaNkulunkulu.

11Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngifunga ukuphila kwami, wonke amadolo ayoguqa kimi, nezilimi zonke ziyovuma, uNkulunkulu.’ ”

12Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.

13Ngakho masingabe sisehlulelana, kodwa kunalokho nqumani ukuthi akukho mzalwane oyakuba yisithiyo noma ugibe.

14Ngiyazi, njengokuba nginesiqiniseko eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho olungcolileyo ngokwalo, kuphela kulowo othi kungcolile, kuyena-ke kungcolile.

15Ngokuba uma umzalwane wakho ekhubeka ngenxa yokudla okudlayo, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKhristu.

16Ngalokho-ke okuhle kwenu makunganyembenywa.

17Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;

18lowo okhonza uKhristu kulokhu, uyathandeka kuNkulunkulu, uyancomeka nakubantu.

19Ngalokho-ke masiphokophelele lezo zinto eziletha ukuthula nokwakhana.

20Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kungcolile kulowo muntu okudla qede akhubeke.

21Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma yikuphi okunye okwenza umzalwane wakho akhubeke.

22Ukukholwa onakho, yiba nakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazehluleli ngalokho akukhethayo,

23kodwa ongabazayo, nxa edla, wehlulelwe, ngokuba konke okungaveli ekukholweni, kuyisono.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Romans 14.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.