Romans 10
1 Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe.
2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini,
3 lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.
4 Ngokuba isiphetho somthetho nguKhristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
5 UMose waloba mayelana nokulunga okuza ngomthetho, ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni, uyakuphila ngakho.
6 Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu,
7 noma uthi: ‘Ngubani ozakwehlela endaweni yabafileyo na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKhristu kwabafileyo.
8 Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo.
9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
10 Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa.
11 Umbhalo uthi: “Bonke abakholwa kuye abayukujabhiswa.”
12 Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,
13 ngokuba: “Bonke abakhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
14 Kepha bayakukhuleka kanjani kulowo abangakholwa nguye na? Bayakukholwa kanjani kuye bengezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani kungekho oshumayelayo na?
15 Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”
16 Kepha abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Izaya, uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngumbiko wethu na?”
17 Ngakho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKhristu.
18 Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”
19 Kepha ngithi: u-Israyeli akazanga yini na? Okokuqala, uMose uthi: “Mina ngiyakunenza nibe nesikhwele ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenakuqonda.”
20 Kepha u-Izaya unesibindi sokuthi: “Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”
21 Kepha ku-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulela izandla zami esizweni esingalaleliyo nesiphikisayo.”