Revelation 52020

1Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa.

2Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”

3Kwakungekho namunye ezulwini nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, nokuba nje abuke kuyo.

4Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuvula leyo ncwadi, nokuba nje abuke kuyo.

5Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”

6Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.

7Yeza, yayithabatha esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi.

8Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.

9Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.

10Wabenza baba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”

11Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,

12zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.”

13Ngase ngizwa zonke izidalwa ezulwini, emhlabeni, phansi komhlaba, nasolwandle, zonke zithi: “KuYena ohleli esihlalweni sobukhosi nakuyo iMvana; makube udumo, inkazimulo, namandla, kuze kube phakade naphakade.”

14Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Revelation 5.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.