1Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, esandleni sayo iphethe isihluthulelo sakwalasha neketango elikhulu esandleni sayo.
2Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,
3yamphonsa kwalasha, yamvalela phakathi, yavala ngci ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane. Emva kwalokho kumele ukuba akhululwe okwesikhashana.
4Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.
5Abafileyo ababesele abavukanga, kwaze kwaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala.
6Ubusisiwe, futhi ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala. Kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kodwa bayakuba ngabaphristi bakaNkulunkulu nabakaKhristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
7Kuyakuthi lapho isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane akhululwe ejele akulo,
8uyakuphuma ayodukisa izizwe emagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, uyakuziqoqa ukuba ziyokulwa. Ziyakuba ngangezihlabathi zolwandle.
9Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda.
10USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
11Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.
12Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
13Nolwandle lwakhipha abafileyo abakulo, ukufa neHayidesi nakho kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa, kwaba yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
14Ukufa neHayidesi kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo.
15Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.