Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 99

:
Zulu - 2020
1 USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.
2 USimakade mkhulu eZiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.
3 Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.
4 Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.
5 Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele Yena.
6 UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.
7 Wakhuluma kubo esensikeni yefu, bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.
8 Simakade Nkulunkulu wethu, Wena wabaphendula, waba nguNkulunkulu othethelelayo kubo, nophindiselayo ngezenzo zabo.
9 Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.