Psalms 962020

1Hlabelelani uSimakade ihubo elisha, nimhlabelele uSimakade, mhlaba wonke.

2Mhubeleni uSimakade, nibonge igama lakhe, nimemezele insindiso yakhe imihla ngemihla.

3Landani ngenkazimulo yakhe kwabezizwe, nezimangaliso zakhe kubantu bonke.

4Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke.

5Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu.

6Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.

7Nina mindeni yabantu nikani uSimakade, mnikeni uSimakade inkazimulo namandla.

8Mnikeni uSimakade inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.

9Khulekani kuSimakade, nihlobe ngobungcwele, nithuthumele ebusweni bakhe, mhlaba wonke.

10Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho.

11Malijabule izulu, umhlaba uthokoze, maluhlokome ulwandle, nakho konke okukulo.

12Mawethabe amasimu, nakho konke okukuwo, kwename imithi yonke yehlathi

13phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 96.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.