Psalms 942020

1Nkulunkulu ophindiselelayo, Simakade, Nkulunkulu ophindiselelayo, vela ukhanye.

2Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

3Simakade, kuyoze kube nini ababi, kuyoze kube nini ababi bethaba na?

4Bakhulumela futhi, bakhuluma amagama ayiziswana, bonke abenzi bokubi bayazigabisa.

5Simakade, baphohloza isizwe sakho, nefa lakho balinyathela phansi.

6Babulala abafelokazi nabafokazi, babulale nezintandane.

7Bathi: “USimakade akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”

8Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?

9Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na?

10Othethisa abezizwe, Yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

11USimakade uyayazi imicabango yabantu ukuthi ingumoya nje.

12Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.

13Umenza aphumule ezinsukwini ezimbi, aze ambele umgodi lowo ongenamthetho.

14Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe, nefa lakhe akayukulishiya.

15Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwehluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.

16Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?

17Ukuba uSimakade ubengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala endaweni yabafileyo.

18Lapho ngithi unyawo lwami lushibilikile, umusa wakho, Simakade, wangiphasa.

19Emicabangweni eminingi yenhliziyo yami, ukududuza kwakho kuyawuthokozisa umphefumulo wami.

20Isihlalo sobubi singahlanganyela yini nawe, leso esisebenza okubi kungathi kusemthethweni na?

21Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.

22Kepha uSimakade waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yidwala engiphephela kulo.

23Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 94.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.