Psalms 94
1 Nkulunkulu ophindiselelayo, Simakade, Nkulunkulu ophindiselelayo, vela ukhanye.
2 Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.
3 Simakade, kuyoze kube nini ababi, kuyoze kube nini ababi bethaba na?
4 Bakhulumela futhi, bakhuluma amagama ayiziswana, bonke abenzi bokubi bayazigabisa.
5 Simakade, baphohloza isizwe sakho, nefa lakho balinyathela phansi.
6 Babulala abafelokazi nabafokazi, babulale nezintandane.
7 Bathi: “USimakade akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
8 Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?
9 Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na?
10 Othethisa abezizwe, Yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?
11 USimakade uyayazi imicabango yabantu ukuthi ingumoya nje.
12 Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.
13 Umenza aphumule ezinsukwini ezimbi, aze ambele umgodi lowo ongenamthetho.
14 Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe, nefa lakhe akayukulishiya.
15 Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwehluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
16 Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
17 Ukuba uSimakade ubengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala endaweni yabafileyo.
18 Lapho ngithi unyawo lwami lushibilikile, umusa wakho, Simakade, wangiphasa.
19 Emicabangweni eminingi yenhliziyo yami, ukududuza kwakho kuyawuthokozisa umphefumulo wami.
20 Isihlalo sobubi singahlanganyela yini nawe, leso esisebenza okubi kungathi kusemthethweni na?
21 Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.
22 Kepha uSimakade waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yidwala engiphephela kulo.
23 Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.