Psalms 91
1 Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,
2 uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”
3 Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni,
4 uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.
5 Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,
6 nobhubhane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini bebade.
7 Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho, kodwa akuyukukuthinta wena.
8 Uyobona ngamehlo akho, ubone izikhohlakali zijeziswa.
9 Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho, oPhezukonke waba yinqaba yakho.
10 Okubi akuyukukwehlela, nesifo asiyukusondela ethendeni lakho.
11 Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.
12 Ziyokuphakamisa ngezandla zazo, unyawo lwakho aluyukuqhuzulwa yitshe.
13 Uyonyathela ingonyama nebululu, ufihlize phansi ibhongo lengonyama nodrago.
14 Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele, ngokuba walazi iGama lami.
15 Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.
16 Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila, ngimbonise insindiso yami.