Psalms 912020

1Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,

2uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”

3Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni,

4uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.

5Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,

6nobhubhane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini bebade.

7Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho, kodwa akuyukukuthinta wena.

8Uyobona ngamehlo akho, ubone izikhohlakali zijeziswa.

9Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho, oPhezukonke waba yinqaba yakho.

10Okubi akuyukukwehlela, nesifo asiyukusondela ethendeni lakho.

11Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.

12Ziyokuphakamisa ngezandla zazo, unyawo lwakho aluyukuqhuzulwa yitshe.

13Uyonyathela ingonyama nebululu, ufihlize phansi ibhongo lengonyama nodrago.

14Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele, ngokuba walazi iGama lami.

15Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.

16Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila, ngimbonise insindiso yami.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 91.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.