1Halalisani kuNkulunkulu ongamandla ethu, nimemeze ngenjabulo kuNkulunkulu kaJakobe.
2Hubani iculo, nithathe isigubhu nohabhu; imiqangala ekhala kahle.
3Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.
4Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli, nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:
6“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.
7Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha.
8“Bantu bami, yizwani, ngizofakaza kini ngokuthi: Israyeli, sengathi ungangilalela!
9Makungabi bikho kuwe omunye uNkulunkulu, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11“Kepha abantu bami abalilalelanga izwi lami, u-Israyeli wangishaya indiva.
12Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.
13“Kwangathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha, abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.
15Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye, ukubhujiswa kwabo kube phakade.
16Ngizonondla ngokusanhlamvu kwekhethelo, yebo, nginisuthise ngoju oluvela edwaleni.”