Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 81

:
Zulu - 2020
1 Halalisani kuNkulunkulu ongamandla ethu, nimemeze ngenjabulo kuNkulunkulu kaJakobe.
2 Hubani iculo, nithathe isigubhu nohabhu; imiqangala ekhala kahle.
3 Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.
4 Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli, nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5 Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:
6 “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.
7 Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha.
8 “Bantu bami, yizwani, ngizofakaza kini ngokuthi: Israyeli, sengathi ungangilalela!
9 Makungabi bikho kuwe omunye uNkulunkulu, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10 Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11 “Kepha abantu bami abalilalelanga izwi lami, u-Israyeli wangishaya indiva.
12 Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.
13 “Kwangathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14 Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha, abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.
15 Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye, ukubhujiswa kwabo kube phakade.
16 Ngizonondla ngokusanhlamvu kwekhethelo, yebo, nginisuthise ngoju oluvela edwaleni.”