Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 8

:
Zulu - 2020
1 Simakade, Nkulunkulu wethu, yeka ukubabazeka kwegama lakho emhlabeni wonke! Wena obeke inkazimulo yakho phezu kwamazulu.
2 Emlonyeni wezingane nowabancelayo, umisile amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli.
3 Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,
4 uyini umuntu ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
5 Umenzile waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamthwesa umqhele wodumo nobukhosi,
6 umenze wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe:
7 zonke izimvu, izinkomo, izilwane zasendle,
8 izinyoni zezulu, izinhlanzi zasolwandle nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.
9 Simakade, Nkulunkulu wethu igama lakho libabazeka kangaka emhlabeni wonke!