Psalms 69
1 Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi asesentanyeni.
2 Ngibisha obhukwini lodaka, akukho ndawo yokubeka unyawo, ngingene otweni ngathi shi, imisinga iyangisibekela.
3 Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.
4 Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.
5 Nkulunkulu, Wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe.
6 Mabangahlazeki ngami abakulindelayo, Nkosi, Simakade Wamabandla. Mabangathelwa ngehlazo ngenxa yami labo abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli.
7 Ngokuba ngichashwa ngenhlamba ngenxa yakho, ihlazo lisibekele ubuso bami.
8 Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame.
9 Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.
10 Ngakhala, umphefumulo wami wazila, kwaba ngukudunyazwa kwami.
11 Isaka ngalenza isembatho sami, ngaba yisaga kubo.
12 Abahlezi esangweni bakhuluma ngami, izidakwa zihaya ingoma ngami.
13 Kepha mina ngikhuleka kuwe, Simakade. Ngesikhathi esifanele, Nkulunkulu, ngobukhulu bomusa wakho, ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho.
14 Ngitakule odakeni, ngingabishi, mangikhululwe ezitheni zami nasemanzini ajulileyo.
15 Izikhukhula mazingangisibekeli, utwa lungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli.
16 Ngiphendule, Simakade, ngokuba umusa wakho muhle, ngokwesihawu sakho esikhulu, phendukela ngakimi.
17 Ungayifihleli ubuso bakho inceku yakho, ngokuba ngikhathazekile, phuthuma ungiphendule.
18 Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19 Wena uyakwazi ukwethukwa kwami, nehlazo lami, nokudunyazwa kwami. Zonke izitha zami ziphambi kwakho.
20 Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.
21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.
22 Itafula labo malibe wugibe kubo, nesihibe sezitha zabo.
23 Amehlo abo mawanqundeke ukuze bangaboni, izinkalo zabo ziqhaqhazele njalo.
24 Ukunengwa kwakho kuthele phezu kwabo, intukuthelo yakho evuthayo ibafice.
25 Umuzi wabo ubhubhe, kungabi bikho ohlala emathendeni abo.
26 Bahlukumeze labo obashayile, bakhuluma ngobuhlungu babalinyaziweyo bakho.
27 Yengeza ukona kwabo phezu kokunye, mabangezi ekulungeni kwakho.
28 Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.
29 Kepha mina ngihluphekile, nginobuhlungu. Nkulunkulu, insindiso yakho mayingilondoloze.
30 Ngizolibonga igama likaNkulunkulu ngehubo, ngimbabaze ngokubonga.
31 Lokho kuzomthokozisa kakhulu uSimakade, ukwedlula inkabi noma inkunzi enezimpondo nezinselo.
32 Akuthi lapho abacindezelweyo bekubona, bethabe, nina enifuna uNkulunkulu mazivuseleleke izinhliziyo zenu.
33 Ngokuba uSimakade uyabezwa abentulayo, akabadeleli abakhe ababoshiweyo.
34 Izulu nomhlaba makumbonge, izilwandle nakho konke okuphila kukho.
35 Ngokuba uNkulunkulu uzolisindisa iZiyoni, ayakhe imizi yakwaJuda, bahlale kuyo, libe yifa labo.
36 Abantwana bezinceku zakhe bazolidla libe yifa labo, nalabo abathanda igama lakhe bazohlala kulo.