1Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi asesentanyeni.
2Ngibisha obhukwini lodaka, akukho ndawo yokubeka unyawo, ngingene otweni ngathi shi, imisinga iyangisibekela.
3Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.
4Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.
5Nkulunkulu, Wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe.
6Mabangahlazeki ngami abakulindelayo, Nkosi, Simakade Wamabandla. Mabangathelwa ngehlazo ngenxa yami labo abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli.
7Ngokuba ngichashwa ngenhlamba ngenxa yakho, ihlazo lisibekele ubuso bami.
8Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame.
9Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.
10Ngakhala, umphefumulo wami wazila, kwaba ngukudunyazwa kwami.
11Isaka ngalenza isembatho sami, ngaba yisaga kubo.
12Abahlezi esangweni bakhuluma ngami, izidakwa zihaya ingoma ngami.
13Kepha mina ngikhuleka kuwe, Simakade. Ngesikhathi esifanele, Nkulunkulu, ngobukhulu bomusa wakho, ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho.
14Ngitakule odakeni, ngingabishi, mangikhululwe ezitheni zami nasemanzini ajulileyo.
15Izikhukhula mazingangisibekeli, utwa lungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli.
16Ngiphendule, Simakade, ngokuba umusa wakho muhle, ngokwesihawu sakho esikhulu, phendukela ngakimi.
17Ungayifihleli ubuso bakho inceku yakho, ngokuba ngikhathazekile, phuthuma ungiphendule.
18Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19Wena uyakwazi ukwethukwa kwami, nehlazo lami, nokudunyazwa kwami. Zonke izitha zami ziphambi kwakho.
20Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.
21Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.
22Itafula labo malibe wugibe kubo, nesihibe sezitha zabo.
23Amehlo abo mawanqundeke ukuze bangaboni, izinkalo zabo ziqhaqhazele njalo.
24Ukunengwa kwakho kuthele phezu kwabo, intukuthelo yakho evuthayo ibafice.
25Umuzi wabo ubhubhe, kungabi bikho ohlala emathendeni abo.
26Bahlukumeze labo obashayile, bakhuluma ngobuhlungu babalinyaziweyo bakho.
27Yengeza ukona kwabo phezu kokunye, mabangezi ekulungeni kwakho.
28Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.
29Kepha mina ngihluphekile, nginobuhlungu. Nkulunkulu, insindiso yakho mayingilondoloze.
30Ngizolibonga igama likaNkulunkulu ngehubo, ngimbabaze ngokubonga.
31Lokho kuzomthokozisa kakhulu uSimakade, ukwedlula inkabi noma inkunzi enezimpondo nezinselo.
32Akuthi lapho abacindezelweyo bekubona, bethabe, nina enifuna uNkulunkulu mazivuseleleke izinhliziyo zenu.
33Ngokuba uSimakade uyabezwa abentulayo, akabadeleli abakhe ababoshiweyo.
34Izulu nomhlaba makumbonge, izilwandle nakho konke okuphila kukho.
35Ngokuba uNkulunkulu uzolisindisa iZiyoni, ayakhe imizi yakwaJuda, bahlale kuyo, libe yifa labo.
36Abantwana bezinceku zakhe bazolidla libe yifa labo, nalabo abathanda igama lakhe bazohlala kulo.