1Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu.
2Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.
4Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo.
5UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo.
6Hubelani uNkulunkulu, mdumiseni! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo!
8UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
9Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.