Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 47

:
Zulu - 2020
1 Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu.
2 Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3 Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.
4 Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo.
5 UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo.
6 Hubelani uNkulunkulu, mdumiseni! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7 UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo!
8 UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
9 Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.