Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 34

:
Zulu - 2020
1 USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.
2 Umphefumulo wami uyozincoma ngoSimakade, abathobekileyo mabezwe, bajabule.
3 Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe.
4 Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
5 Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha.
6 Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.
7 Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.
8 Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.
9 Mesabeni uSimakade nina bangcwele bakhe, ngokuba abamesabayo abasweli lutho.
10 Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle.
11 Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.
12 Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?
13 Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.
14 Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.
15 Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.
16 Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
17 USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18 USimakade useduze nabanhliziyo zidabukile, uyabasindisa abanomoya owaphukileyo.
19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke.
20 Uvikela wonke amathambo akhe, akuyukwaphulwa nalinye kuwo.
21 Inkohlakalo iyombulala omubi, abazonda olungileyo bayojeza.
22 USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.