Psalms 342020

1USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.

2Umphefumulo wami uyozincoma ngoSimakade, abathobekileyo mabezwe, bajabule.

3Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe.

4Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha.

6Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.

7Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.

8Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.

9Mesabeni uSimakade nina bangcwele bakhe, ngokuba abamesabayo abasweli lutho.

10Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle.

11Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.

12Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?

13Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.

14Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.

15Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.

16Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.

18USimakade useduze nabanhliziyo zidabukile, uyabasindisa abanomoya owaphukileyo.

19Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke.

20Uvikela wonke amathambo akhe, akuyukwaphulwa nalinye kuwo.

21Inkohlakalo iyombulala omubi, abazonda olungileyo bayojeza.

22USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 34.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.