Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 149

:
Zulu - 2020
1 Haleluya! Hubelani uSimakade ihubo elisha, izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo.
2 U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.
3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu,
4 ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.
5 Abathembekileyo mabathokoze ngokunqoba, mabahlabelele ngentokozo.
6 Ukuphakamisa uNkulunkulu makube semilonyeni yabo, baphathe ngesandla inkemba ekhaliphe nhlangothi zombili,
7 ukuze baziphindiselele ezizweni, bajezise abezizwe.
8 Amakhosi abo bawabophe ngamaketanga, nabadumileyo babo, ngezibopho zensimbi,
9 ukuze babajezise ngesijeziso esilotshiweyo. Kuludumo kubo bonke abathembekileyo bakhe. Haleluya!