Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 141

:
Zulu - 2020
1 Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe.
2 Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.
3 Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.
4 Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo.
5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.
6 Abehluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7 Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8 Amehlo ami akuwe Simakade, Nkosi yami, mina ngiphephela kuwe, uze ungangishiyi ngingenamvikeli.
9 Ngihlenge ogibeni abangicuphe ngalo, nasezihibeni zabenza okubi.
10 Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.