1Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe.
2Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.
3Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.
4Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo.
5Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.
6Abehluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8Amehlo ami akuwe Simakade, Nkosi yami, mina ngiphephela kuwe, uze ungangishiyi ngingenamvikeli.
9Ngihlenge ogibeni abangicuphe ngalo, nasezihibeni zabenza okubi.
10Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.