1Simakade, kuyoze kube nini ungikhohliwe unomphela na? Kuyoze kube nini ungifihlela ubuso bakho na?
2Kuyoze kube nini ngithwele ubuhlungu emphefumulweni wami, nosizi enhliziyweni yami, usuku lonke na? Kuyoze kube nini isitha singiqonela na?
3Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa;
4funa isitha sami, sithi: “Ngimehlule.” Nabamelene nami bajabule ngokuba nginqotshiwe.
5Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.
6Ngizohlabelela kuSimakade ngokuba ungenzele okuhle.